U-Izaya 53:3-6

U-Izaya 53:3-6 ZUL20

Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho. Kodwa yazithwala izifo zethu, yabetshatha ubuhlungu bethu, kepha thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe. Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sethu saba phezu kwayo, ukuze sibe nokuthula; nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina. Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.

Verse Images for U-Izaya 53:3-6

U-Izaya 53:3-6 - Yayidelelekile, yashiywa ngabantu,
umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula;
yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu,
asiyishayanga nto yalutho.

Kodwa yazithwala izifo zethu,
yabetshatha ubuhlungu bethu,
kepha thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sethu saba phezu kwayo,
ukuze sibe nokuthula;
nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina.
Thina sonke sidukile njengezimvu;
yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe.
USimakade wehlisela phezu kwayo
ububi bethu sonke.U-Izaya 53:3-6 - Yayidelelekile, yashiywa ngabantu,
umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula;
yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu,
asiyishayanga nto yalutho.

Kodwa yazithwala izifo zethu,
yabetshatha ubuhlungu bethu,
kepha thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sethu saba phezu kwayo,
ukuze sibe nokuthula;
nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina.
Thina sonke sidukile njengezimvu;
yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe.
USimakade wehlisela phezu kwayo
ububi bethu sonke.