“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa. Akayukukhala, akayukuliphakamisa izwi lakhe, akayukulizwakalisa izwi lakhe emigwaqweni. Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqanyo akayukuwucima, uyakwenza ukwehlulela ngokweqiniso. Akayukudangala, aphele amandla, aze amise ubulungiswa emhlabeni; neziqhingi ziyolindela ukuyala kwakhe.” Usho kanje uNkulunkulu uSimakade owadala izulu, waleneka, wendlala umhlaba nokuvela kuwo; onika abantu abakuwo umphefumulo nomoya kwabahamba kuwo, uthi: “Mina Simakade ngikubize ngokulunga, ngiyokubamba ngesandla sakho, ngikulondoloze, ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu, nokukhanya kwabezizwe, ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa ejele, nabahlezi ebumnyameni ejele. “NginguSimakade; yilelo igama lami; angiyukumnika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami. Izinto zakuqala zifikile, sengizakumemezela izinto ezintsha; zingakaqhamuki, ngiyakunenza nizizwe.”
Funda U-Izaya 42
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Izaya 42:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo