U-Isaya 42:1-9

U-Isaya 42:1-9 ZUL59

“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela. Akayikukhala, adazuluke, angezwakalisi izwi lakhe ezitaladini. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima; uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso. Akayikudangala, aphele amandla, aze amise ukwahlulela emhlabeni; neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.” Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi: “Mina Jehova ngikubizile ngokulunga, ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu nokukhanya kwabezizwe, ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni. “NginguJehova; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami. Izinto zakuqala zifikile, sengimemezela izinto ezintsha; zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”