“Bheka, inceku yami engiyesekayo,
okhethiweyo wami
othokoza ngaye umphefumulo wami;
ngibekile umoya wami phezu kwakhe,
uyakwenzela izizwe ubulungiswa.
Akayukukhala,
akayukuliphakamisa izwi lakhe,
akayukulizwakalisa izwi lakhe emigwaqweni.
Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula,
umongo othunqanyo akayukuwucima,
uyakwenza ukwehlulela ngokweqiniso.
Akayukudangala, aphele amandla,
aze amise ubulungiswa emhlabeni;
neziqhingi ziyolindela ukuyala kwakhe.”
Usho kanje uNkulunkulu uSimakade
owadala izulu, waleneka,
wendlala umhlaba nokuvela kuwo;
onika abantu abakuwo umphefumulo
nomoya kwabahamba kuwo, uthi:
“Mina Simakade ngikubize ngokulunga,
ngiyokubamba ngesandla sakho,
ngikulondoloze,
ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu,
nokukhanya kwabezizwe,
ukuze uvule amehlo ezimpumputhe,
ukhiphe iziboshwa ejele,
nabahlezi ebumnyameni ejele.
“NginguSimakade; yilelo igama lami;
angiyukumnika omunye inkazimulo yami,
nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.
Izinto zakuqala zifikile,
sengizakumemezela izinto ezintsha;
zingakaqhamuki, ngiyakunenza nizizwe.”
Mhubeleni uSimakade ihubo elisha,
indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba,
nina enehlela olwandle
nakho konke okukulo,
nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
Ihlane nemizi yalo makujabule,
nemizana okwakhe kuyo abakwaKedari,
abakhileyo eSela mabajabule bathokoze,
mabenanele beseziqongweni zezintaba.
Mabamnike uSimakade udumo,
bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.
USimakade uyakuphuma njengeqhawe,
njengendoda yempi,
uyakuvusa ukushisekela kwakhe,
uyakumemeza ngezwi lokunqoba,
akhuze isiqubulo sempi
aziqonele izitha zakhe.