Ukhulumelani wena Jakobe, usholoni wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuSimakade, nelungelo lami akalinaki uNkulunkulu wami na?” Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa. Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
Funda U-Izaya 40
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Izaya 40:27-31
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo