U-Izaya 40:27-31

U-Izaya 40:27-31 ZUL20

Ukhulumelani wena Jakobe, usholoni wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuSimakade, nelungelo lami akalinaki uNkulunkulu wami na?” Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa. Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.