Umbono ngakho konke lokho kimi wafana namazwi encwadi esicilelweyo, uma inikwa labo abakwazi ukufunda, nomyalo othi: “Fundani lokhu,” bayothi: “Ngeke sikwazi ukukufunda, ngokuba isicilelwe.” Kuthi lapho inikwa labo abangakwazi ukufunda, kuthiwe: “Fundani lokhu,” bathi: “Asikwazi ukufunda.” INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje, ngakho ngizobuye ngibenzele izinto ezimangalisayo laba bantu, ezethusayo nezimangalisayo. Ukuhlakanipha kwezihlakaniphi zakhona kuzophela, nokuqonda kwabaqondayo bakhona kusitheke.”
Funda U-Izaya 29
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Izaya 29:11-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo