U-Izaya 22

22
Isiphrofetho NgesiGodi Sombono
1Isiphrofetho ngesiGodi Sombono.
Kwenzenjani nize nonke ngothi lwenu,
nenyukele ophahleni lwendlu,
2muzi ogcwele ukumemeza,
muzi oxokozelayo,
nomuzi othokozayo na?
Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba,
futhi abafelanga empini.
3Bonke ababusi benu babaleke kanyekanye,
babanjwa ngaphandle kokusebenzisa iminsalo.
Bonke abakini abatholakala, babanjiwe
noma babebalekele kude.
4Ngalokho ngithi:
“Ningangibuki mina,
ngizonikhombisa umunyu ngokulila kalusizi;
ningazami ukungiduduza
ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.”
5Ngokuba wusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla,
usuku lokukhathazeka nokucindezelwa,
lokudideka eSigodini Sombono;
usuku lokudilizwa kwezingange
nolokukhalela ukusizwa ezintabeni.
6I-Elamu lithathe umgodla
nezinqola zempi nabamahhashi;
iKhiri laveza isihlangu salo.
7Izigodi zakho ezikhethekileyo
zagcwala izinqola zempi,
abamahhashi abanamandla
bazihlela ngasesangweni.
8Usisusile isembozo sikaJuda.
Ngalolo lusuku wena wabheka
ezikhalini zendlu yehlathi.
9Nabona ukuthi miningi imifantu
emzini kaDavide,
nase niyokha amanzi echibini elisezansi.
10Nazibala izindlu zaseJerusalema,
nazibhidliza ukuze niqinise ugange.
11Nakhe indawo yokugcina amanzi
phakathi kwezindonga ezimbili,
ukugcina amanzi echibi elidala.
Kodwa anibhekanga kulowo owalenzayo,
animnakanga lowo okade wanquma ukulenza.
12Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla
wanibiza ukuba nikhale, nilile,
niphuce amakhanda,
nigqoke indwangu eyisaka,
13kodwa kunalokho kwakunenjabulo nedili,
kuhlatshwa izinkabi nezimvu,
kudliwa inyama,
kuphuzwa iwayini, nathi:
“Masidle, siphuze,
ngokuba kusasa sizokufa.”
14USimakade Wamabandla uzambulile ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi siphambeko aniyukuthethelelwa sona nize nife,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
Isiphrofetho NgoShebhina No-Eliyakimi
15Isho kanje iNkosi uSimakade Wamabandla, ithi:
“Woza, uhambe
uye enduneni uShebhina
owengamele indlu, uthi kuye:
16‘Wenzani lapha?
Unobani lapha ohlobene naye,
ukuze uziqophele ithuna lapha,
uziqophele ithuna endaweni ephakeme,
uzisikele indawo yokuhlala edwaleni?’
17“Bheka, wena mlisa,
uSimakade uzokukulahla kude,
kabuhlungu,
uzakukubamba aqinise.
18Uyokusonga akuqinise,
akulahle njengebhola ezweni elibanzi.
Uyofela lapho;
izinqola zakho zodumo ziyolala lapho,
wena olihlazo lendlu yenkosi yakho.
19Ngiyakukwehlisa esikhundleni sakho,
ngikukhiphe emsebenzini wakho,
ngikuqumbe phansi.
20“Kuyothi ngalolo lusuku ngibize inceku yami; u-Eliyakimi, indodana kaHilikiya; 21ngimembathise ingubo yakho, ngimqinise ngebhande; ngiyakumnika esandleni amandla akho, abe nguyise wabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda. 22Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu. 23Ngiyomqinisa njengesikhonkwane endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sokuhlonipheka endlini kayise. 24Bayakugaxa kuye lonke udumo lwendlu kayise, abozalo nezizukulwane, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.
25“Ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla. “Isikhonkwane esasibethelwe endaweni eqinileyo siyobhoncuka, sikhishwe, siyowa kuthi nomthwalo obukuso unqunywe,” kusho uSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 22: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo