UHoziya 5

5
Ukwehlulelwa Nokujesiswa Kwabo Bonke Abaphristi
1“Yizwani lokhu nina baphristi,
nilalele nina ndlu ka-Israyeli,
nibeke indlebe nina ndlu yenkosi,
ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu,
phela nibe wugibe eMizpha
nenetha elendlaliweyo eThabhori.
2Amahlubuka ashone shi ekuhlabeni,
kodwa ngiyakuwaqondisa wonke.”
USimakade Wazi Konke
3“Mina, ngiyamazi u-Efrayimi,
no-Israyeli akafihlekile kimi,
ngokuba manje, wena Efrayimi uzifebele,
u-Israyeli wazingcolisa.”
4“Izenzo zabo azibavumeli
ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo,
ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo,
futhi abamazi uSimakade.
5Ukuzigqaja kuka-Israyeli
kuyafakaza phambi kwakhe,
u-Israyeli no-Efrayimi
bayakukhutshwa yizenzo zabo ezimbi,
noJuda uyakhutshwa kanye nabo.
6Bayakuhamba nomhlambi wabo wezimvu nowezinkomo
ukuyofuna uSimakade,
kodwa abayukumfumana,
ngokuba usesukile kubo.
7Abethembekanga kuSimakade,
ngokuba bazale amavezandlebe,
manje-ke inyanga eyethwasayo
iyakubashwabadela nezabelo zabo.
8“Bethani uphondo eGibheya,
nishaye icilongo eRama;
nihlabe umkhosi eBhethi Aveni nithi:
Baphezu kwakho Bhenjamini!
9U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa,
ngikumemezele lokho okuqinisekileyo
phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.
10Abaholi bakwaJuda bafana
nabagudluza imingcele kwa-Israyeli.
Ngiyakuthululela kubo ulaka lwami njengamanzi.
11U-Efrayimi ucindezelwe,
uchotshoziwe ngokwehlulelwa,
ngokuba wazimisela ukulandela umyalo oyize.
12Mina-ke nginjengenundu ku-Efrayimi,
nanjengokubola kuyo indlu kaJuda.
13“Kwathi lapho u-Efrayimi ebona ukugula kwakhe
noJuda ebona isilonda sakhe,
u-Efrayimi waya e-Asiriya,
wathumela enkosini uJarebi,
kodwa nayo ayiyukukwazi ukuniphulukisa,
iyakwehluleka ukwelapha isilonda senu.
14Ngokuba Mina ngiyakuba
njengebhubesi ku-Efrayimi,
nanjengebhongo lebhubesi
kuyo indlu kaJuda.
Mina luqobo, ngiyakubadwengula,
bese ngihamba;
ngiyakubathatha kungabi bikho obahlengayo.
15Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami,
bayoze balivume icala labo,
bafune ubuso bami;
kuyakuthi lapho sebesosizini bangifunisise.”

Okuqokiwe okwamanje:

UHoziya 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume