UHoziya 3

3
UHoziya Uphindela Kumkakhe
1USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”
2Ngazithengela yena ngezinhlamvu ezili-15 zesiliva kanye nengxenye yehomere lebhali. 3Ngase ngithi kuye: “Uyakuhlala nami izinsuku eziningi, ungafebi, ungabi ngowenye indoda, nami ngiyakwenza kanjalo kuwe.”
4Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi. 5Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.

Okuqokiwe okwamanje:

UHoziya 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume