Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho. Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi. I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.” Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo. Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli, uyakuqhakaza njengomnduze, agxilise izimpande zakhe njengeLebhanoni. Amahlumela akhe ayokwenaba, ubuhle bakhe bube njengomnqumo, iphunga lakhe liyakuba njengemisedari yaseLebhanoni. Bayakubuya, bahlale emthunzini wakhe, bachume njengokusanhlamvu, baqhakaze njengomvini, udumo lwabo lube njengewayini laseLebhanoni. U-Efrayimi uyakuthi: “Zizongenzelani nje izithombe ezibaziweyo na? Mina ngiyakuphendula, ngimnakekele. Mina nginjengomsayiphuresi oluhlaza, izithelo zakho zifunyanwa kimi.” Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.
Funda UHoziya 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UHoziya 14:1-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo