UHoziya 13

13
Isigwebo Sokugcina
1Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma,
kube nokuthuthumela,
wayephakanyisiwe kwa-Israyeli,
kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.
2Manje bayaqhubeka nokona,
bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo,
nezithombe ezibaziweyo ngobungcweti babo,
konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti,
bakhuluma kubo, bathi:
“Abenza umhlatshelo
kumele bange amathole.”
3Ngakho-ke bayakuba njengofasimba,
bafane namazolo asekuseni eshabalala,
nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni
nentuntu ephuma ngoshimula.
4Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho
selokhu kwaba seGibhithe;
awuyukumazi omunye uNkulunkulu
ngaphandle kwami,
akekho futhi omunye uMsindisi
ngaphandle kwami.
5Mina ngakwazi ehlane ezweni lesomiso.
6Basutha ngokwamadlelo abo,
kuthe sebesuthi bazigqaja,
base bengikhohlwa Mina.
7Ngase ngiba njengebhubesi kubo,
ngacutha endleleni njengengwe.
8Ngiyakubathelekela njengebhele
eliphucwe amazinyane alo,
ngibadabule isifuba esivikele inhliziyo yabo,
ngibashwabadele lapho njengebhubesi,
isilwane sasendle sibanephunephule.
9Uzakubhujiswa, Israyeli,
ngokuba umelene nami,
umsizi wakho.
10Iphi inkosi yakho manje
ukuze ikusindise kuyo yonke
imizi yakho, na?
Baphi abaholi bakho, wena owathi ngabo:
“Nginike inkosi nabaholi” na?
11Ngakunika inkosi ngentukuthelo yami,
ngayithatha ngolaka lwami.
12Ububi buka-Efrayimi bulondoloziwe,
isono sakhe siqoshiwe.
13Imihelo yobelethayo iyakumfikela,
uyindodana engahlakaniphile,
ngokuba kuthi sekuyisikhathi sokuba azalwe
angezi emnyango wesibeletho.
14Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo,
ngibahlenge yini ekufeni na?
Kufa, luphi ubhubhane lwakho na?
Ndawo yabafileyo,
kuphi ukubhubhisa kwakho na?
uzwelo lufihlakele emehlweni ami.
15“Noma angaba yindodana
enempumelelo kubafowabo,
kuyakufika umoya wasempumalanga,
umoya kaSimakade ovela ehlane;
umthombo wakhe uyakuba namahloni,
isiphethu sakhe sishe;
uyakuphanga ingcebo yakhe,
nazo zonke izinto eziyigugu.
16ISamariya liyakuba necala,
ngokuba limhlubukile uNkulunkulu walo;
bayakufa ngenkemba,
izingane zabo ziphahlazwe,
abakhulelweyo baqaqwe.”

Okuqokiwe okwamanje:

UHoziya 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume