UMelkhizedeki lo, yinkosi yaseSalema, umphristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abhrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; u-Abhrahama wamabela okweshumi kukho konke, yena ogama lakhe okokuqala uma lihunyushwa lisho ukuthi inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okuchaza ukuthi inkosi yokuthula. Kanayise, kananina, kanaluzalo, kanasiqalo sezinsuku nakuphela kokuphila, kodwa enziwe wafana neNdodana kaNkulunkulu, uyohlala engumphristi kuze kube phakade. Bonani-ke ukuthi mkhulu kangakanani lo owanikwa okweshumi kwempango ngu-Abhrahama ukhokho.
Funda KumaHebheru 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHebheru 7:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo