KumaHebheru 6:10-20

KumaHebheru 6:10-20 ZUL20

Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza. Sifisa sengathi kungaba yilowo nalowo kini akhombise lokho kushisekela okufanayo, lize lipheleliswe ithemba lenu kuze kube sekugcineni; ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso. Ngokuba ngesikhathi uNkulunkulu ethembisa u-Abhrahama, wazifunga Yena uqobo, ngokuba wayengekho omkhulu kunaye ayengamfunga, wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngikwandise nokukwandisa.” Ngakho-ke esebekezele, wakuzuza akwethenjiswayo. Phela abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyakuqeda ukuphikisana konke, siqinise. Ngalokho-ke uNkulunkulu ethanda kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso icebo lakhe elingaguquki, waliqinisekisa ngesifungo, ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu. Leli themba sinalo linjengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo, lapho uJesu eyisigijimi wasandulela wangena khona, sewaba ngumphristi omkhulu kuze kube phakade, ngokokuma kukaMelkhizedeki.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHebheru 6:10-20