KumaHebheru 2:1-9

KumaHebheru 2:1-9 ZUL20

Ngakho-ke kufanele kakhulu ukuba sibambisisise lokho esikuzwileyo, funa siphambuke kukho. Ngokuba izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniswa, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwajeziswa ngokufanaleyo. Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo. UNkulunkulu efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngemisebenzi yamandla enhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe. Ngokuba izwe elizayo esikhuluma ngalo kalithobiselanga phansi kwezingilosi. Kepha omunye ufakazile kwenye indawo, wathi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake na? Okwesikhashana wamenza ngaphansana kwezingelosi, wamfaka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.” Lapho ebeka konke phansi kwezinyawo zakhe, kashiyanga lutho okungabekwanga phansi kwakhe. Kepha manje asikaziboni izinto zonke zibekwe phansi kwakhe. Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHebheru 2:1-9