Bekezelani nxa niyalwa; uNkulunkulu uniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana uyise angayiyaliyo na? Kepha uma nina ningayalwa, njengalokhu kwenziwa kanjalo kubo bonke, khona-ke ningamavezandlebe, anisiwo amadodana. Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na? Bona babesiyala okwesikhashana njengokubona kwabo, kodwa Yena usiyala ukuze sisizakale, sithole ukuhlanganyela ebungcweleni bakhe. Ukuyala konke esikhathini samanje akusiyo into emnandi, kodwa kubuhlungu, ekugcineni kuyabathelela isithelo sokuthula nokulunga labo abaqeqeshwe yikho.
Funda KumaHebheru 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHebheru 12:7-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo