KumaHebheru 10:32-37

KumaHebheru 10:32-37 ZUL20

Kepha khumbulani izinsuku esezadlula, okwathi senikhanyisiwe, nabhekana nobunzima obukhulu bezinhlupheko. Ngesinye isikhathi nithukwa, nihlukunyezwa, kubukiswa ngani, nangesinye isikhathi nizihlanganisa nalabo ababephila kanjalo. Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade. Ngakho-ke ningayeki ukuba neqholo, elinomvuzo omkhulu. Ngokuba niyadinga ukubekezela, lokho kuyintando kaNkulunkulu ukuze kuthi lapho senikwenzile namukele isithembiso. Akusensuku zatshwala afike ozayo, akayukulibala.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHebheru 10:32-37