KumaHeberu 10:32-37

KumaHeberu 10:32-37 ZUL59

Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko, kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo. Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo. Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu. Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso. Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 10:32-37