IGenesisi 45:16-28

IGenesisi 45:16-28 ZUL20

Kwafika umbiko endlini kaFaro, othi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle lokho kuFaro nasezincekwini zakhe. UFaro wathi kuJosefa: “Yisho kubafowenu uthi: ‘Yethwesani izimbongolo zenu, nihambe niye eKhanani, nithathe uyihlo nemindeni yenu nize kimi, ukuze ngininike eyekhethelo eGibhithe, nitamuze okuhle kwalo.’ “Ngiyakuyala, batshele ukuthi ngithi: ‘Zithatheleni nina nomkenu nabantwana benu izinqola lapha eGibhithe, nigibelise uyihlo nize naye lapha. Ningakhathazeki ngempahla yenu, ngokuba konke okuhle kwezwe eGibhithe kungokwenu.’ ” Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro. Wabanika kwaba yilowo nalowo ingubo yokushintsha, kodwa uBhenjamini wamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-300, nezingubo zakwanokusho ezinhlanu. Wayesethumelela uyise lokhu: izimbongolo eziyishumi zithwele amagugu aseGibhithe, nezimbongolo eziyishumi zezinsikazi zithwele okusanhlamvu, nezinkwa nokunye okungumphako kayise. Wayesebakhipha abafowabo, bangena indlela. Wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.” Base bephuma, bakhuphuka eGibhithe baze bayofinyelela kuyise uJakobe eKhanani. Bambikela bathi: “UJosefa usaphila, ungumbusi walo lonke iGibhithe.” UJakobe waphela amandla, wakhungatheka, akaze abakholwa. Bamlandisa konke okwakukhulunywe nguJosefa kubo, futhi wabona nezinqola ayezikhiphile ukuba zizomlanda. Waqala uJakobe ukuvuseleleka emoyeni. U-Israyeli wathi: “Kwanele; uJosefa indodana yami usaphila. Ngizohamba ngiyombona ngingakafi.”