IGenesisi 39:2-12

IGenesisi 39:2-12 ZUL20

USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe. Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo, ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho. Kusukela ngaleso sikhathi eyambeka ngaso, waba ngumphathi wendlu yayo, nakho konke eyayinakho; uSimakade wawubusisa umuzi walowo mGibhithe, nakho konke ayenakho. Isibusiso sikaSimakade sasiphezu kwakho konke uPotifari ayenakho endlini nasemasimini. Ngakho-ke uPotifari wakubeka konke ayenakho esandleni sikaJosefa, akabe esazihlupha ngalutho, ngaphandle kokudla okwakufanele akudle. UJosefa wayeyigeza, enesiqu, ebukeka kahle. Emveni kwesikhathi umkaPotifari wamkhanuka, wathi kuye: “Lala nami.” Kepha uJosefa wenqaba, wathi enkosikazini yomphathi wakhe: “Umphathi wami akakhathazeke ngalutho endlini yakhe, futhi ukunikele konke ezandleni zami. Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?” Nakuba umkaPotifari wayembelesela uJosefa imihla ngemihla, kodwa akavumanga ukulala naye, noma abe ndawonye naye. Langa limbe lapho uJosefa engena endlini ezosebenza, kungekho muntu omunye endlini, umkaPotifari wamdumela, wabamba ingubo yakhe, wathi: “Lala nami,” kodwa uJosefa waphulukundlela, washiya isembatho sakhe ezandleni zakhe, wabaleka, waphumela phandle.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IGenesisi 39:2-12

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo