Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto. ULabani wayesethi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” UJakobe wahlala naye inyanga yonke. ULabani wathi kuJakobe: “Uzongisebenzela mahhala yini ngoba uyisihlobo sami na? Ngitshele ukuthi izoba yini inkokhelo yakho na?” ULabani wayenamadodakazi amabili, igama lenkosazana kwakunguLeya, elikathunjana kunguRaheli. ULeya wayenamehlo ayebuthakathaka kanti uRaheli wayemuhle ngesimo ebukeka kahle. UJakobe wamthanda uRaheli, wayesethi kuLabani: “Ngizokukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.” ULabani wathi: “Kungcono ukuba ngimnike wena kunokuba ngimnike enye indoda. Hlala nami.” UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa. UJakobe wayesethi kuLabani: “Nginike umkami ukuze ngilale naye, ngokuba sesiphelile isikhathi esasivumelene ngaso.” ULabani wabamema bonke abantu bakuleyo ndawo, wenza idili. Kepha kusihlwa wathatha indodakazi yakhe uLeya wayiyisa kuJakobe; uJakobe walala nayo. ULabani wanikela isisebenzi sakhe uZilipha ukuba sibe yisisebenzi sendodakazi yakhe uLeya. Ekuseni wabona ukuthi ubelele noLeya. UJakobe waya kuLabani wathi kuye: “Yini lena oyenze kimi na? Angikusebenzelanga yini ukuze ngithole uRaheli na? Ungikhohliseleni na?” ULabani wathi: “Akwenziwa lokho kuleli lizwe ukuba kuganiswe omncane engakagani omdala. Qeda iviki lalona bese sikunika omunye naye ozomsebenzela kimi eminye iminyaka eyisikhombisa.” UJakobe wenza kanjalo, waqeda iviki enoLeya, uLabani wayesemnika uRaheli, indodakazi yakhe, ukuba abe ngumkakhe. ULabani wanika uRaheli, indodakazi yakhe, isisebenzi sakhe uBhiliha ukuba sibe ngesakhe. UJakobe walala noRaheli, wamthanda kakhulu uRaheli ukwedlula uLeya. Wasebenzela uLabani eminye futhi iminyaka eyisikhombisa.
Funda IGenesisi 29
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IGenesisi 29:13-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo