UJakobe wasuka eBheri Sheba walibangisa eHarana. Kwathi angafika endaweni ethile selishonile ilanga, wahlala lapho lobo busuku. Wathatha elinye lamatshe akuleyo ndawo waqamela kulo, walala. Waphupha ebona isikhwelo simisiwe sisuka emhlabathini size sifinyelele ezulwini. Izingelosi zikaNkulunkulu zazenyuka zehla kuso. USimakade wema eduze kwakhe, wathi kuye: “NginguSimakade uNkulunkulu kayihlomkhulu, u-Abhrahama nokayihlo u-Isaka, leli lizwe olele kulo ngiyakulabela wena nezizukulwane zakho. Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho. Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.” UJakobe waphaphama ebuthongweni, wathi: “Nembala uNkulunkulu ukule ndawo, bengingazi.” Ekhungethwe wuvalo, wathi: “Yeka ukwesabeka kwale ndawo! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu, futhi leli yisango lezulu.”
Funda IGenesisi 28
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IGenesisi 28:10-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo