Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici. Ngizosigcina isivumelwano esiphakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.” U-Abhrama wakhothama wathi mbo ngobuso, uNkulunkulu wathi kuye: “Mina ngiyazibophezela kulesi sivumelwano engisenza nawe: uyakuba nguyise wezizwe eziningi. Igama lakho alisayukuba ngu-Abhrama, kepha selizokuba ngu-Abhrahama, ngokuba ngikwenze uyise wezizwe eziningi. Ngizokwandisa kakhulu, kuvele kuwe izizwe eziningi ngisho namakhosi imbala.
Funda IGenesisi 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IGenesisi 17:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo