IGenesisi 13

13
U-Abhrama Uhlukana NoLothi
1 U-Abhrama nomkakhe nakho konke ayenakho basuka eGibhithe bakhuphuka babheka eningizimu noLothi. 2Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.
3 Wasuka eningizimu wahamba ephumula waze wayofika eBhethele, endaweni ephakathi kweBhethele ne-Ayi, lapho wayekade egobe khona amadlangala phambilini, 4nalapho wayekade akhe khona i-althare. Wakhuleka egameni likaSimakade.
5 ULothi owayehambe no-Abhrama, naye wayesenezimvu, izimbuzi, izinkomo namathende. 6 Izwe ababehlezi kulo lalingasabenele, ngoba imfuyo yabo yabe seyande kakhulu kangangokuthi babengeke besakwazi ukuhlala ndawonye. 7 Abelusi bemfuyo ka-Abhrama nabekaLothi base beqale ukuxabana. Ngaleso sikhathi amaKhanani namaPherizi ayehlala kulelo lizwe.
8 U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana. 9Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”
10 ULothi wabheka, walibona lonke ithafa eliseJordani kuze kube seZowari ukuthi lalivunde njengensimu kaSimakade, nanjengeGibhithe. Lokho kwenzeka uSimakade engakalibhubhisi iSodoma neGomora. 11ULothi wazikhethela lonke ithafa eliseJordani, wayeselibhekisa ngasempumalanga. Ehlukana kanjalo-ke lawa madoda amabili. 12 U-Abhrama wayesehlala eKhanani, uLothi wahlala phakathi kwemizi esethafeni, wagxumeka ithende lakhe eduze komuzi iSodoma. 13 Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.
14 Kwathi lapho uLothi esehambile, uSimakade wakhuluma ku-Abhrama wathi: “Manje phakamisa amehlo akho ubuke nxazonke lapho ukhona: enyakatho, eningizimu, empumalanga nasentshonalanga, 15 ngokuba lonke leli lizwe olibonayo ngizokunika lona; wena nezizukulwane zakho, kuze kube phakade. 16 Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane. 17 Lihlole lonke leli lizwe, ngoba ngikunika lona.”
18 U-Abhrama wayesesusa ithende lakhe, wahamba, wafike wahlala eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, eHebhroni, wayesemakhela khona uSimakade i-althare.

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume