IGenesisi 10

10
Izizukulwane Zamadodana KaNowa
(1 IZik. 1:5-23)
1 Nanku umlando wamadodana kaNowa: uShemu, uHamu, noJafethi; nawo azala awawo amadodana emva kukazamcolo.
Amadodana KaJafethi
2 Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi. 3 Amadodana kaGomeri kwakungu-Ashikenazi, uRifathi, noThogama. 4 Amadodana kaJavani kwakungu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi, noDodanimi. 5Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.
Amadodana KaHamu
6 Amadodana kaHamu kwakunguKhushe, uMizirayimi, uPhuthi, noKhanani. 7 Amadodana kaKhushe kwakunguSebha, uHavila, uSabitha, uRama, noSabhitheka. Amadodana kaRama kwakunguShebha noDedani.
8UKhushe wazala uNimrodi, iqhawe lokuqala emhlabeni. 9Wayeyiphisi elinamandla phambi kukaSimakade. Yingakho kunesisho esithi: “Kuhle kukaNimrodi iphisi elinamandla phambi kukaSimakade.”
10 Waqala ukubusa eBhabhele, e-Erekhi, e-Akhadi naseKhaline eShinari. 11 Wasuka kulelo lizwe walibangisa e-Asiriya lapho afike akha khona iNinive, iRehobhothi Iri, iKhala, 12 neReseni umuzi omkhulu ophakathi kweNinive neKhala.
13 UMizirayimi wazala amaLudi, ama-Anami, amaLehabi, amaNafethuhi, 14amaPhathrusi, namaKhasuluhi okwadabuka kubo amaFilisti nabaseKhafithori.
15 UKhanani wazibula ngoSidoni, kwalandela uHethi, 16nalezi zizwe: amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi, 17amaHivi, ama-Akhi, amaSini, 18ama-Arivadi, amaZemari, namaHamathi. Emveni kwalokho imindeni yamaKhanani yasabalala kulo lonke izwe, 19 imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.
20Yilawa amadodana kaHamu ngokwemindeni nangezilimi, emazweni nasezizweni zawo: 21uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.
Amadodana KaShemu
22 Amadodana kaShemu kwakungu-Elamu, u-Ashuri, u-Arifaksadi, uLudi no-Aramu. 23 Amadodana ka-Aramu kwakungu-Uzi, uHulu, uGetheri, noMashe. 24 U-Arifaksadi wazala uShela, uShela wazala u-Ebhere. 25 U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani. 26UJokithani wazala u-Alimodadi, uShelefu, uHazamavete, uJera, 27uHadoramu, u-Uzali, uDikila, 28u-Obhali, u-Abhimayeli, uShebha, 29u-Ofiri, uHavila noJobhabhu. Bonke laba babengamadodana kaJokithani. 30Indawo ababakhe kuyo yayisuka eMesha ize ifike eSefari, kwelezintaba empumalanga. 31Yilawo-ke amadodana kaShemu ngokwemindeni nangezilimi zawo, ezifundeni zawo nangokwezizwe zawo.
32 Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.

Okuqokiwe okwamanje:

IGenesisi 10: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume