IGenesisi 1:9-26

IGenesisi 1:9-26 ZUL20

UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wawubiza umhlabathi owomileyo ngokuthi ngumhlaba, amanzi aqoqeleke ndawonye wawabiza ngokuthi wulwandle. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wathi: “Makumile utshani emhlabeni, nezitshalo ezithela imbewu nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo. Kwamila utshani emhlabeni: izitshalo ezithela imbewu, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithathu. UNkulunkulu wathi: “Makuvele izikhanyisi emkhathini ukuze zehlukanise imini nobusuku, zibe yinkomba yezinkathi neyezinsuku neyeminyaka, zibe yizikhanyisi esibhakabhakeni, zikhanyisele umhlaba.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wenza izikhanyisi ezinkulu ezimbili, isikhanyisi esikhulu ukubusa emini, nesikhanyisi esincane ukubusa ebusuku, nezinkanyezi. UNkulunkulu wabeka izikhanyisi esibhakabhakeni ukuba zikhanyisele umhlaba, zibuse imini nobusuku, zehlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesine. UNkulunkulu wathi: “Makugcwale uswebezane lwezidalwa eziphilayo ezinhlobonhlobo emanzini, kundize izinyoni emkhathini.” UNkulunkulu wadala izilo ezinkulu zasolwandle, nezidalwa zonke ezitshuza emanzini ngezinhlobo zazo, nazo zonke ezindizayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. Wazibusisa zonke izidalwa wathi: “Zalanani nande nigcwalise ulwandle.” Nasezinyonini wathi: “Yandani emhlabeni.” Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesihlanu. UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, ezifuywayo, ezihuquzelayo nezilwane zasendle ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wenza zonke izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IGenesisi 1:9-26

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo