KwabaseGalathiya 5:19-23

KwabaseGalathiya 5:19-23 ZUL20

Imisebenzi yemvelo eyonakeleyo isobala, yilena: ubufebe, ukungcola, amanyala, ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu, umhawu, ukudakwa nokuxokozela, izinto ezifana nalezi engiqeda ukunitshela ngazo, njengokuba ngasho, abenza lezi zinto abanakulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu. Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa, ubumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho ongamelana nalezi zinto.