KwabaseGalathiya 5:16-26

KwabaseGalathiya 5:16-26 ZUL20

Kepha ngithi: hambani ngoMoya, khona aniyukuzifeza izinkanuko zemvelo yenu eyonakeleyo. Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo. Kepha uma niholwa nguMoya, anikho neze phansi komthetho. Imisebenzi yemvelo eyonakeleyo isobala, yilena: ubufebe, ukungcola, amanyala, ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu, umhawu, ukudakwa nokuxokozela, izinto ezifana nalezi engiqeda ukunitshela ngazo, njengokuba ngasho, abenza lezi zinto abanakulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu. Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa, ubumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho ongamelana nalezi zinto. Kepha abakaKhristu bayibethele imvelo eyonakeleyo nokuhuheka nezinkanuko zayo. Uma siphila ngoMoya, masenze futhi okuhambisana noMoya. Masingaziqhenyi, siqalane, noma sibe nomhawu omunye ngomunye.