UHezekeli 9
9
Ukwehlulela KukaNkulunkulu
1USimakade wayesememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, ethi: “Zisondele izijeziso zomuzi, yilowo nalowo uphethe ngesandla sakhe isikhali sokubulala.”
2Kwase kufika amadoda ayisithupha evela ngendlela esesangweni elingenhla, elibheke enyakatho. Yileyo naleyo ndoda iphethe ngesandla sayo isikhali sokubhubhisa, enye kuwo yembethe ilineni, kunophondo lukayinki womlobi okhalo lwayo. Angena, ayesema eceleni kwe-althare lethusi.
3Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yasuswa phezu kwekherubhi eyayikulo, yayiswa ngasemnyango wendlu. USimakade wayibiza indoda eyayembethe ilineni, inophondo lukayinki womlobi okhalo lwayo. 4USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”
5Ngamuzwa ethi kulawa amanye amadoda: “Dabulani emzini nilandele leyo ndoda, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi naluzwelo. 6Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.”
Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu. 7Wathi kuwo: “Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani!”
Ayesephuma-ke ayobulala emzini. 8Kwathi esababulala, sekusele mina nje kuphela, ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Ingabe uzoyibhubhisa yonke insali yakwa-Israyeli lapho uthulula intukuthelo yakho phezu kweJerusalema na?”
9Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu ngokwedlulele, izwe ligcwele igazi, nasemzini kudlange ukonakala, ngokuba bathi: ‘USimakade ulishiyile leli lizwe futhi akaboni.’
10“Nami-ke, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukubanaso isisa kubo, kodwa ngiyakwehlisela lokho abakwenzileyo phezu kwamakhanda abo.”
11Indoda eyayembethe ilineni, inophondo lukayinki okhalo lwayo, yangiphendula, yathi: “Ngenzile njengokungiyala kwakho.”
Okuqokiwe okwamanje:
UHezekeli 9: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.