UHezekeli 41

41
1Wayesengingenisa ethempelini, wakala izinsika ngayinye, ububanzi babungamakhubhithi ayisithupha ngapha nangapha, yilobo-ke ububanzi bezinsika, zethabanakeli. 2Ububanzi bomnyango babungamakhubhithi alishumi, amacele omnyango engamakhubhithi amahlanu ngakulolu hlangothi emi kanjalo nangakolunye. Wakala ubude balo: babungamakhubhithi angama-40; ububanzi balo bungama-20.
3Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: kwaba ngamakhubhithi amabili: umnyango ungayisithupha, ububanzi bomnyango, bungayisikhombisa. 4Wakala ubude bokuphakathi kwaba ngamakhubhithi angama-20 phambi kwethempeli. Wayesethi kimi: “Lena yindawo engcwele kakhulu.”
Amakamelo Ezinhlangothini Zendlu
5Wayesekala udonga lwendlu lwaba ngamakhubhithi ayisithupha; ububanzi bamakamelo ezinhlangothi bungamakhubhithi amane, nxazonke zendlu. 6Indlu yayinamakamelo amathathu ezinhlangothini, elakanyene elinye phezu kwelinye, esewonke engama-30. Ingaphandle lodonga lwendlu kulelo nalelo kamelo lalinonqenqema olwaluzungeze udonga lwendlu, lusekele amakamelo asemaceleni ukuze angasekelwa ludonga lwendlu. 7Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni nxazonke, ngokuba okuzungeza indlu kwakukhuphuka nxazonke zendlu; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu neliphakathi.
8Ngabona futhi ukuthi indlu izungezwe unqenqema nxazonke, isilinganiso sezisekelo zamakamelo sasilingana nohlanga olungamakhubhithi ayisithupha ubude. 9Uhlonze lodonga olungaphandle emakamelweni lwalungamakhubhithi amahlanu, kunendawo ebanzi phakathi kwamakamelo nendlu, leyo ndawo yayingeyamakamelo ayesezinhlangothini zendlu. 10Phakathi kwamakamelo kwakukhona indawo ebanzi engamakhubhithi angama-20 nxazonke zendlu emaceleni wonke. 11Iminyango yamakamelo ezinhlangothi yayibheke endaweni eseleyo, omunye umnyango ungasenyakatho nomunye ungaseningizimu; ububanzi bendawo eseleyo babungamakhubhithi ayisihlanu nxazonke.
Isakhiwo Esingasentshonalanga
12Isakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo ngasentshonalanga, ububanzi baso babungamakhubhithi angama-70; uhlonze lodonga lwendlu lungamakhubhithi ayisihlanu nxazonke, ubude balo bungamakhubhithi angama-90.
Ubungako Bendlu Sebubonke
13Wayikala indlu, ubude bayo babungamakhubhithi ayikhulu, kuthi indawo eyahlukanisiweyo, isakhiwo nezindonga zaso, ubude bakho bungamakhubhithi ayikhulu. 14Ububanzi obungaphambi kwendlu nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga babungamakhubhithi ayikhulu.
Imininingwane Yendlu
15Wayesekala ubude besakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayingemuva kwaso nemiphemegumbi yayo nxazonke; yaba ngamakhubhithi ayikhulu, kanjalo nethempeli elingaphakathi, nemiphemegumbi yegceke. 16Imibundu, amafasitele avaliweyo, imipheme elakanyene kathathu nxazonke eqondene nombundu, kwakwembozwe ngokhuni nxazonke, kusukela phansi kuze kube semafasiteleni. Amafasitele ayemboziwe, 17kuze kube phezu komnyango nasendlini engaphakathi nangaphandle. Lonke udonga lwakalwa nxazonke ngaphakathi, nangaphandle, 18kwakwenziwe ngamakherubhi, nangamasundu; phakathi kwalelo nalelo kherubhi kwakunesundu. Ikherubhi ngalinye linobuso obubili. 19Ubuso bomuntu babubheke ngakuleli sundu, ngakwelinye icala kunobuso bebhongo lengonyama, bubheke isundu ngale, kwakwenziwe kanjalo nxazonke zendlu. 20Kusukela phansi kuze kube phezu komnyango, kwakwenziwe amakherubhi namasundu, kanjalo nasodongeni lwethempeli.
21Ethempelini, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine, ubuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasifana nesethempeli. 22I-althare lalenziwe ngokhuni, ukuphakama kwalo kungamakhubhithi amathathu, ubude balo bungamakhubhithi amabili; lalinamagumbi. Ubude balo nezindonga zalo kwakwenziwe ngokhuni; wathi kimi: “Leli yitafula eliyakuba phambi kukaSimakade.”
23Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili. 24Iminyango yayinezicabha ezimbili, izicabha ezimbili eziphendukayo, ezimbili zingezomunye umnyango, nezimbili zingezomunye. 25Ezivalweni zethempeli kwakwenziwe amakherubhi namasundu njengoba ayenziwe ezindongeni. Kwakukhona isivikelo esasenziwe ngokhuni phezu komphemegumbi ngaphandle. 26Ngapha nangapha emaceleni omphemegumbi kukhona amafasitele avaliweyo namasundu, nasemakamelweni ezinhlangothini zendlu, kanjalo nasesivikelweni.

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 41: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume