UHezekeli 34

34
Isiphrofetho Ngabelusi Bakwa-Israyeli
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, phrofetha umelane nabelusi bakwa-Israyeli; phrofetha uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubelusi bakwa-Israyeli abazicabangela bona! Kanti abelusi akumele yini ukuba beluse izimvu na? 3Nina nidla amanoni, nembathe uboya, nihlabe ezikhulupheleyo, kodwa izimvu anizelusi. 4Ezibuthakathaka aniziqinisi, egulayo aniyelaphi, elahlekileyo aniyicingi, kodwa niziphatha ngendlakadla. 5Bezihlakazekile ngenxa yokweswela umelusi; zahlakazeka zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle. 6Izimvu zami bezizulazula kuzo zonke izintaba nakuwo wonke amagquma aphakemeyo. Yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwaba bikho ozifunayo nozicingayo.
7“ ‘ “Ngakho-ke belusi, yizwani izwi likaSimakade elithi: 8ngifunga ngiyagomela,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “impela ngenxa yokuthi izimvu zami zaba yimpango, futhi zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, lokhu zingenamelusi, nokuthi abelusi bami abangazange bazicinge, baba ngogombela kwesabo, bangazelusa izimvu zami, 9ngalokho-ke yizwani izwi likaSimakade, belusi, elithi: 10isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bhekani-ke, ngimelene nabelusi, ngizozifuna izimvu zami esandleni sabo, ngenze ukuba bangabe besazelusa, futhi bangabe besaba ngogombela kwesabo. Ngizohlenga izimvu zami emlonyeni wabo, zingabe zisaba ngukudla kwabo.”
11“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngizozicinga izimvu zami, ngizifune. 12Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama. 13Ngiyakuzikhipha ezizweni, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, bese ngizelusela ezintabeni zakwa-Israyeli, nangasemifuleni, nasezindaweni zonke okuhlalwa kuzo ezweni. 14Ngiyakuzelusela emadlelweni amahle; amadlelo azo ayakuba sezintabeni eziphakemeyo kwa-Israyeli. Ziyakubuthisa emadlelweni amahle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni kwa-Israyeli. 15Ngiyakuzelusela Mina izimvu zami, ngizenze zibuthise,” kusho iNkosi uSimakade. 16“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.
17“ ‘ “Nina-ke zimvu zami, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ngiyakwehlulela phakathi kwemvu nemvu naphakathi kwezinqama nezimpongo. 18Kuyize yini kini ukuba niklabe edlelweni elihle bese ninyathela ngezinyawo zenu okuseleyo edlelweni lenu, nokuba niphuze amanzi acwebileyo qede niwadunge ngezinyawo zenu aseleyo na? 19Izimvu zami zidla okudovadovwe ngezinyawo zenu, ziphuza okudungwe yizinyawo zenu.
20“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade kuzo, ithi: Mina ngiyakwehlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nalezo ezondileyo. 21Ngokuba nizisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle, 22ngiyakuzisindisa izimvu zami, azisayukuba yimpango, bese ngehlulela phakathi kwezimvu nezimvu. 23Ngiyakubeka kuzo umelusi, azeluse: inceku yami uDavide; uyakuzelusa, abe ngumelusi wazo. 24Mina Simakade ngiyakuba nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe yisikhulu kuzo; Mina Simakade ngikhulumile.
25“ ‘ “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini. 26Ngiyakuzibusisa zona nezindawo ezizungeze intaba yami, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso. 27Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo; ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengizaphulile izikeyi zejoka lazo, futhi ngazihlenga esandleni salabo ababezenze izikhonzi zabo. 28Azisayukuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyukuzidla, kepha ziyakuhlala ngokulondeka, zingesatshiswa muntu. 29Ngiyakuzivusela insimu edumileyo; azisayukususwa yindlala ezweni, azisayukulithwala ihlazo labezizwe. 30Ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade uNkulunkulu wazo nginazo, nokuthi zona, indlu yakwa-Israyeli, zingabantu bami,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade. 31“ ‘ “Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami, nabantu bami, Mina nginguNkulunkulu wenu,” ’ ” kusho uSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 34: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume