UHezekeli 32

32
Inkosi YaseGibhithe Ifaniswa Nodrako
1Kwathi ngonyaka we-12, ngenyanga ye-12, ngosuku lokuqala enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, khihla isililo ngoFaro, inkosi yaseGibhithe, uthi kuye:
“ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama ezizweni,
kepha unjengesilwanekasi sasolwandle,
lapho utheleka emifuleni yakho,
ushaya idadamu ngezinyawo zakho,
udunge imifula.’
3“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwakho,
phakathi kwesixuku sabantu abaningi,
bakukhuphule ngenetha lami.
4Ngiyakukulaxaza emhlabathini,
ngikuntshinge endle,
ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu,
ngizisuthise ngawe zonke izilwane zomhlaba.
5Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni,
ngigcwalise izigodi ngezimpethu zakho.
6Izwe ngiligcwalise ngegazi
eliyakugeleza liphuma kuwe,
kuze kube sezintabeni,
imifula igcwaliswe ngokuphuma kuwe.
7Kuyakuthi lapho sengiqeda nya ngawe,
ngisibekele amazulu,
ngenze izinkanyezi zawo zibe mnyama,
ngilemboze ngefu ilanga,
nenyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.
8Zonke izikhanyisi ezikhanyayo emazulwini
ngiyakuzenza zibe mnyama phezu kwakho,
ngehlisele ubumnyama ezweni lakho, kusho iNkosi uSimakade.
9Ngiyakuzikhathaza izinhliziyo zezizwe eziningi,
lapho sengiletha ukubhujiswa kwakho ezizweni,
emazweni ongawazanga.
10Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe,
amakhosi abo agedezele wuvalo
lapho ngisikaza ngenkemba yami phambi kwawo.
Ngosuku lokuwa kwakho,
yileyo naleyo iyakuthuthumela umzuzu nomzuzu
ngenxa yempilo yayo.
11“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘ “Inkemba yenkosi yaseBhabhele iyakuza kuwe.
12Ngiyakusiqumba phansi isixuku sakho,
ngenkemba yezizwe zonke ezinonya;
ziyakukuqeda nya ukuzigqaja kweGibhithe,
naso sonke isixuku salo siyakubhujiswa.
13Ngiyakuyibhubhisa yonke imfuyo yalo
engasemanzini amaningi,
angabe esanyakaziswa lunyawo lwamuntu,
nenselo yemfuyo ingawadungi.
14Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle,
ngigelezise imifula yabo njengamafutha,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
15“ ‘ “Kuyakuthi lapho iGibhithe
sengilenze laba yincithakalo nehlane,
izwe eseliphundlwe konke obekugcwele kulo,
lapho sengibulala zonke izakhamuzi zalo,
kulapho-ke beyakukwazi khona ukuthi nginguSimakade.
16“ ‘ “Leso-ke yisililo abantu abayakusihlabelela. Amadodakazi ezizwe ayakusihlabelela, elilela iGibhithe naso sonke isixuku salo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
17Kwathi ngonyaka we-12, ngosuku lwe-15 enyangeni, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 18“Ndodana yomuntu, lilela isixuku saseGibhithe, usehlisele phansi komhlaba, namadodakazi ezizwe ezinamandla, nalabo abehlela egodini. 19Khuluma kubo uthi: ‘Wena udlula bani ngobuhle na? Yehla, ulaliswe nabangasokile.’ 20Bayakuwela kulabo ababulawe ngenkemba; inkemba seyihoshiwe, lihuduleni naso sonke isixuku salo. 21Abaholi bamaqhawe bayakukhuluma ngalo nangomfelandawonye walo, besendaweni yabafileyo, bathi: ‘Sebehlile, sebelele nabangasokile, labo ababulawe ngenkemba.’
22“Lapho kukhona i-Asiriya neviyo lalo lonke, amathuna alo alizungeze nxazonke, bonke bafe ngenkemba. 23Amathuna alo asekujuleni kwegodi, iviyo lalo lizungeze ithuna nxazonke, bonke labo abafake ingebhe ezweni labaphilayo babulewe, bafe ngenkemba.
24“Lapho kukhona i-Elamu naso sonke isixuku salo nxazonke zethuna, babulawe bonke, baqunjwa phansi ngenkemba, behlela phansi komhlaba bengasokile, labo abafake ingebhe ezweni labaphilayo; sebethwele ihlazo nalabo abehlela egodini. 25I-Elamu balilungisele umbhede naso sonke isixuku salo, amathuna alo alizungeze nxazonke, bonke abangasokanga babulawe ngenkemba, ngokuba benza ukuba besatshwe ezweni labaphilayo, sebethwele ihlazo labo nalabo abehlela egodini; yebo, balele nababuleweyo.
26“Lapho kukhona uMeshekhe, uThubhali, naso sonke isixuku sabo esizungeze amathuna abo nxazonke, bonke abangasokanga, babulawe ngenkemba, ngokuba bafaka ingebhe ezweni labaphilayo. 27Abalali yini namabutho angasokile asebulewe, ehlela endaweni yabafileyo nezikhali zawo zempi, nezinkemba zawo ezabekwa phansi kwamakhanda awo na? Isijeziso sokona kwawo sasisemathanjeni awo, nakuba ukwesatshwa kwamabutho kwakusezweni labaphilayo.
28“Nawe uyakuphoqozwa, ulale nabangasokile nababulawe ngenkemba.
29“Lapho kukhona u-Edomi, amakhosi akhe, nazo zonke izikhulu zakhe, okuthe nakuba bebengamaqhawe nokho balaliswa nababulawe ngenkemba, abangasokile, nalabo abehlela egodini.
30“Lapho kukhona zonke izikhulu zasenyakatho, nabo bonke abaseSidoni, abehlele phansi nababuleweyo. Babesatshwa ngenxa yobuqhawe babo, kepha sebehlazekile, balale bengasokile nababulawe ngenkemba, bathwele ihlazo labo nalabo abehlele egodini.
31“UFaro uyakubabona, aduduzeke ngaso sonke isixuku sakhe, yena nawo wonke amabutho akhe babulawe ngenkemba,” kusho iNkosi uSimakade.
32“Ufake uvalo ezweni labaphilayo, kepha uyakulaliswa phakathi kwabangasokile nalabo ababulawe ngenkemba, uFaro nezinkumbi zakhe,” kusho iNkosi uSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 32: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume