UHezekeli 30

30
Usuku LukaSimakade Lokujezisa IGibhithe
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, phrofetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘Lilani, nithi:
“ ‘ “Maye, ngalolo lusuku!”
3“ ‘Ngokuba usuku luseduze,
usuku lukaSimakade selusondele;
luzokuba lusuku lwamafu
nesikhathi senhlekelele kwabezizwe.
4Inkemba izokwehlela eGibhithe,
kube nobumayemaye eKhushe,
lapho abagwaziweyo
befumbeka phansi eGibhithe;
bazoyithatha ingcebo yalo,
kudilizwe nezisekelo zalo.
5“ ‘IKhushe, iPhuthi, iLude, neKhubi, nabantu bezwe abenze isivumelwano nabo bazokufa ngenkemba.
6“ ‘Usho kanje uSimakade, uthi:
“ ‘Nalabo ababesekela iGibhithe
bazoqumbeka phansi,
nokuzigqaja ngamandla alo kuzophela nya;
bazodliwa yinkemba bekulo,
kusukela eMigidoli kuze kube seSevene,’ ”
kusho iNkosi uSimakade.
7“ ‘Bazokuba yincithakalo emazweni aseyincithakalo,
imizi yalo ibe semizini ebhidliziweyo.
8Bazokwazi ukuthi nginguSimakade,
lapho sengithungela ngomlilo iGibhithe,
bacoboshiswe bonke abangumfelandawonye nalo.
9“ ‘Ngalolo lusuku kuyakuphuma izithunywa ngemikhumbi zivela kimi, ukuba zilesabise iKhushe elinethezekileyo, kube nobumayemaye kulo ngosuku lwenhlekelele eGibhithe, ngokuba bheka, luyeza usuku.
10“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘ “Isixuku saseGibhithe ngiyakusiqeda nya,
ngesandla sikaNebukhadinezari,
inkosi yaseBhabhele.
11Yena nabantu bakhe nabezizwe abanonya,
bayakuthunyelwa ukuba balibhubhise izwe,
iGibhithe balihoshele izinkemba zabo,
izwe baligcwalise ngababuleweyo.
12Ngiyakwenza imifula ishe,
ngithengise ngezwe esandleni sababi;
izwe nakho konke okukulo,
ngilibhubhise ngesandla sabafokazi,
ngokuba Mina Simakade sengikhulumile.”
13“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:
“ ‘Ngiyakuzishabalalisa izithombe,
ngibaqede nya onkulunkulu abayize eNofi;
akusayukuba bikho nkosana evela eGibhithe;
ngiyakulifaka ingebhe iGibhithe.
14IPhathirosi ngiyakulenza libe lihlane,
ngiphembe umlilo eZowani,
ngilijezise iNo.
15Ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kweSini,
inqaba yaseGibhithe,
ngibulale isixuku saseThebe.
16Ngiyakuthungela umlilo eGibhithe;
iSini libinyabinyeke ezinhlungwini,
iThebe ibhodlozwe,
iMemfisi ihlaselwe emini.
17Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Bhesethi
ziyakufa ngenkemba,
abahlala emizini bathunjwe.
18Usuku luyakuba mnyama eThehafenehesi,
lapho nginqamula khona amajoka aseGibhithe;
nokuzikhukhumeza ngamandla alo kuyakuphela kulo.
Liyakusitshekelwa yifu,
kuthunjwe nabahlala emizaneni yalo.
19Ngiyakulijezisa iGibhithe,
futhi bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”
20Kwathi ngonyaka we-11, ngenyanga yokuqala, ngosuku lwesikhombisa, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 21“Ndodana yomuntu, ngiyephulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibhithe; ayiboshiwe ukuba yelapheke, noma izongolozelwe ukuba iqine ikwazi ukubamba inkemba. 22Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Uyabona-ke, ngimelene noFaro, inkosi yaseGibhithe; ngiyakuzephula izingalo zakhe, eqinileyo neyephukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe. 23AbaseGibhithe ngiyakubahlakazela ezizweni, ngibasabalalise emazweni. 24Ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo, kepha ngiyakuzephula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwayo njengokububula komuntu olinyaziweyo. 25Yebo, ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, bese kuthi izingalo zikaFaro ziyethe. Bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBhabhele; yona iyakuyelulela phezu kweGibhithe, imelane nalo. 26AbaseGibhithe ngiyakubahlakazela ezizweni, ngibasabalalise emazweni, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 30: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume