UHezekeli 11

11
Abeluleki Ababi
1UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaSimakade elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga. Ngasekungeneni kwesango kwakunamadoda angama-25. Ngabona phakathi kwawo noJahazaniya indodana ka-Azuri, noPhelathiya indodana kaBhenaya, abaholi babantu. 2Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yilawa madoda ahlela inkohlakalo, futhi eluleka kulo muzi ngezeluleko ezimbi, 3athi: ‘Akuseduze ukuba kwakhiwe izindlu, ziyibhodwe thina siyinyama.’
4“Ngakho-ke phrofetha kubo; phrofetha ndodana yomuntu.”
5UMoya kaSimakade wehlela phezu kwami, wathi kimi: “Yisho uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Nishilo kanjalo nina ndlu ka-Israyeli, kodwa Mina ngiyakwazi enikucabangayo. 6Nibulale izindimbane kulo muzi, nagcwalisa imigwaqo yawo ngababuleweyo.
7“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: Ababuleweyo bakini enibabeke kuwo bayinyama, futhi isebhodweni, kodwa Mina ngiyakunikhipha kuwo. 8Niyesabile inkemba, kodwa ngizonehlisela yona, kusho iNkosi uSimakade. 9Ngiyakunikhipha kuwo, ngininikele esandleni sabafokazi, nginijezise. 10Niyakufa ngenkemba, nginehlulele emingceleni yakwa-Israyeli; niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade. 11Lo muzi awuyukuba yibhodwe kini, nani aniyukuba yinyama ephakathi kulo, kodwa ngiyonehlulela kuze kube semingceleni yakwa-Israyeli. 12Niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade, ngokuba anihambanga ngezimiso zami, nezehlulelo zami anizigcinanga, kodwa nenze njengezehlulelo zezizwe ezinizungezileyo.” ’ ”
13Kwathi ngisaphrofetha, kwafa uPhelathiya, indodana kaBhenaya. Ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Uzakuyiqeda nya yini insali yakwa-Israyeli na?”
14Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 15“Ndodana yomuntu, bangabafowenu, yebo ngabafowenu, nibuhlobo bunye nayo yonke indlu yakwa-Israyeli, bonke abakhileyo eJerusalema abakhulume kubo, bathi: ‘Baqhelile kuSimakade. Leli lizwe selinikwe thina ukuba libe yifa lethu.’
16“Ngakho-ke yisho, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nakuba ngibayise kude ezizweni, ngabahlakazela emazweni, nokho ngibe yindawo engcwele kubo okwesikhashana, lapho emazweni abaye kuwo.” ’ ”
17“Ngakho-ke wothi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakuniqoqa ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazelwe kuwo, futhi ngininike izwe lakwa-Israyeli.” ’ ”
18“Bayakufika lapho bakususe konke okunyanyekayo kwalo, nazo zonke izinengiso ezikulo. 19Ngiyakubanika inhliziyo ibe yinye, ngifake umoya omusha ezibilini zabo. Ngiyakuyikhipha inhliziyo yetshe kubo, ngibanike inhliziyo yenyama, 20ukuze bahambe ngokwezimiso zami, bagcine izehlulelo zami, bazenze. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo. 21Kepha labo abanhliziyo zabo zilandela okunyanyekayo nokunengekayo kwabo, ngiyakwehlisela phezu kwamakhanda abo lokho abakwenzileyo, kusho iNkosi uSimakade.”
22Amakherubhi ayenamasondo emaceleni kwawo, avula amaphiko awo; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo. 23Inkazimulo kaSimakade yakhuphuka isuka phakathi komuzi, yayoma entabeni engasempumalanga yomuzi. 24UMoya kaNkulunkulu wangiphakamisa, wangiyisa nombono kulabo ababethunjelwe eKhalideya. Umbono engangiwubonile wenyuka, wasuka kimi, 25ngase ngikhuluma kubathunjwa konke uSimakade ayengibonise khona.

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume