I-Eksodusi 8

8
Inhlupheko Yesibili: Amasele
1 USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kuFaro uthi kuye: ‘USimakade uthi: vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza. 2Uma ubenqabela ukuba bahambe, ngizolishaya lonke iGibhithe ngamasele. 3Umfula iNayili uzogcwala amasele, azokwenyuka, enyukele endlini yakho, nasekamelweni lakho, embhedeni wakho, nasemizini yezinceku zakho, neyabantu bakho, nakohhavini nasezitsheni zokuxovela inhlama. 4Amasele azokhuphukela kuwe nakubantu bakho, nakuzo zonke izinceku zakho.’ ”
5 USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Yelula isandla ophethe ngaso induku, uselulele phezu kwemithombo, imifula, namachibi, ukhiphele eGibhithe amasele.’ ”
6 U-Aroni welulela isandla sakhe phezu kwamanzi eGibhithe, kwaphuma amasele agcwala kulo lonke iGibhithe. 7 Kepha nosomlingo benza kanjalo ngemilingo yabo, bakhuphulela amasele eGibhithe.
8 UFaro wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Khulekani kuSimakade ukuze asuse amasele kimi nakubantu bami, ngizobadedela abantu bayokwenzela uSimakade umhlatshelo.”
9UMose wathi kuFaro: “Ngitshele ukuthi ufuna ngikukhulekele nini wena nezikhulu zakho, nabantu bakho, ukuze amasele asuke kuwe nasezindlini zakho, asale kuphela emfuleni.”
10 Wathi: “Kusasa.”
UMose wayesethi: “Makube njengalokhu ushilo ukuze wazi ukuthi akekho noyedwa ofana noSimakade uNkulunkulu wethu. 11 Uzakuwasusa amasele ezindlini zakho, nezezinceku zakho, nezabantu bakho, azosala kuphela emfuleni.”
12 UMose no-Aroni basuka kuFaro, uMose wanxusa kuSimakade mayelana namasele ayewathumelele uFaro. 13USimakade wenza njengokucela kukaMose, amasele ayesezindlini, emagcekeni, nasemasimini afa. 14Bawaqoqa bawabeka izinqwaba ngezinqwaba. Izwe lanuka. 15 Kepha lapho uFaro ebona ukuthi uthole ikhefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, akaze abalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.
Inhlupheko Yesithathu: Omiyane
16USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Yelula induku yakho ushaye uthuli lomhlabathi, ukuze luphenduke omiyane eGibhithe.’ ”
17 Wenza kanjalo, u-Aroni welula isandla sakhe esasiphethe induku, washaya uthuli lomhlabathi, omiyane banamathela abantu nezilwane ngokufanayo. Lonke uthuli lomhlabathi lwaphenduka omiyane kulo lonke iGibhithe. 18 Osomlingo ngemilingo yabo bazama ukuveza omiyane, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Omiyane bahlasela abantu nezilwane.
19 Osomlingo bathi kuFaro: “Lona ngumunwe kaNkulunkulu.”
Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akafunanga ukubalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.
Inhlupheko Yesine: Izibawu
20 USimakade wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kakhulu uye kuFaro ngaphambi kokuba aye emfuleni, uthi kuye: ‘USimakade uthi: vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza. 21Ngokuba uma ungabavumeli abantu bami, ngiyothumela izinkumbi zezibawu kuwe, ezincekwini zakho, kubantu bakho, nasezindlini zenu. Ezindlini zabaseGibhithe kuzogcwala izinkumbi zezibawu, ngisho nasezweni abahlala kulo imbala. 22 Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe. 23Ngiyakuhlukanisa phakathi kwabantu bami nabakho. Lesi sibonakaliso sizokwenzeka kusasa.’ ”
24 USimakade wenza kanjalo, izinkumbi zezibawu zahlasela indlu kaFaro, nezindlu zezinceku zakhe, nalo lonke iGibhithe, kwaba nomonakalo ngenxa yezibawu.
25 UFaro wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Hambani kuleli lizwe niyokwenzela uNkulunkulu wenu umhlatshelo.”
26 Kepha uMose wathi: “Akunakwenzeka lokho, ngokuba imihlatshelo esizoyethula kuSimakade uNkulunkulu wethu ingokunengekayo kwabaseGibhithe. Singahlaba yini okunengekayo kwabaseGibhithe, singakhandwa ngamatshe na? 27 Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu siye ehlane, sethule umhlatshelo kuSimakade uNkulunkulu wethu njengalokhu esiyalile.”
28UFaro wathi: “Ngizonivumela nihambe niyokwethula umhlatshelo kuSimakade uNkulunkulu wenu ehlane, kuphela nje uma ningezukuya kude. Ningikhulekele nami.”
29 UMose wathi: “Uma ngisuka lapha kuwe, ngizokhuleka kuSimakade ukuba kusasa azisuse izinkumbi zezibawu kuFaro, nasezincekwini zakhe, nakubantu bakhe. Kodwa-ke uFaro makangaphinde akhohlise ngokuthi uzakubavumela abantu bahambe ukuyokwenzela uSimakade umhlatshelo.”
30UMose waphuma, wamshiya uFaro, wakhuleka kuSimakade. 31USimakade wenza njengoba ecelile uMose: wazisusa izinkumbi zezibawu kuFaro, nasezincekwini zakhe, nakubantu bakhe, akwasala nasinye. 32 Kepha uFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangalesi sikhathi, akaze avuma ukuba abantu bahambe.

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume