Ifu lalisibekela ithende lokuhlangana, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli. UMose akakwazanga ukungena ethendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli. Kwakuthi lapho ifu liphakanyiswa phezu kwethabanakeli, abantu bakwa-Israyeli baqhubeke nohambo lwabo. Kepha uma ifu lingaphakanyiswanga babengaqhubeki nohambo kuze kube lusuku eliphakanyiswa ngalo. Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.
Funda I-Eksodusi 40
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: I-Eksodusi 40:34-38
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo