I-Eksodusi 40:34-38

I-Eksodusi 40:34-38 ZUL20

Ifu lalisibekela ithende lokuhlangana, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli. UMose akakwazanga ukungena ethendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli. Kwakuthi lapho ifu liphakanyiswa phezu kwethabanakeli, abantu bakwa-Israyeli baqhubeke nohambo lwabo. Kepha uma ifu lingaphakanyiswanga babengaqhubeki nohambo kuze kube lusuku eliphakanyiswa ngalo. Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.