U-Eksodusi 40:34-38

U-Eksodusi 40:34-38 ZUL59

Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. Njalo lapho ifu lenyuswa etabernakele, abantwana bakwa-Israyeli baqhubekela phambili ezinkambeni zabo zonke. Kepha uma ifu lingenyuswanga, babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo. Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.