USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakulimisa ithabanakeli lethende lokuhlangana. Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo. Uyakungenisa itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo, uyakufaka uthi lwesibani bese ubeka izibani zalo. Uyakubeka i-althare legolide lokushisela impepho phambi komphongolo wesivumelwano, bese ufaka isihenqo somnyango wethabanakeli. Uyakubeka i-althare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wethabanakeli lethende lokuhlangana. Ubeke umcengezi phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, uthele amanzi kuwo. Uyakulungisa igceke nxazonke, bese ulengisa isihenqo sesango legceke. “Uyakuthatha amafutha okugcoba, ugcobe ithabanakeli nakho konke okukulo, ulingcwelise nayo yonke impahla yalo, ukuze libe ngcwele. Uyakugcoba ne-althare lomnikelo wokushiswa nayo yonke impahla yalo, ulingcwelise i-althare, ukuze i-althare libe ngcwelengcwele. Uyakugcoba umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.
Funda I-Eksodusi 40
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: I-Eksodusi 40:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo