I-Eksodusi 36:1-19

I-Eksodusi 36:1-19 ZUL20

“UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.” UMose wabiza uBhezaleli, u-Oholiyabhe nabo bonke abanekhono, uSimakade ayebaphe ukuhlakanipha, bonke ababenhliziyo zifisa ukuba bazokwenza lo msebenzi. UMose wabanika bonke umnikelo wesihle abantu bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wokwakhiwa kwendawo engcwele. Babewuletha kuye umnikelo wesihle njalo ekuseni imihla ngemihla, kwaze kwathi bonke abanamakhono ababenza imisebenzi eyehlukene endaweni engcwele beza kuMose, yilowo nalowo esuka emsebenzini ayewenza, bathi kuMose: “Abantu baletha izinto eziningi kakhulu kunalezo ezidingekileyo ukwenza umsebenzi uSimakade ayale ukuba wenziwe.” Ngakho-ke uMose wakhipha umyalo kwase kuyamenyezelwa enkanjini kuthiwa: “Akungabe kusaba bikho muntu wesilisa nowesifazane oletha umnikelo wendawo engcwele.” Abantu banqindwa ukuletha umnikelo, ngokuba lokho abase bekulethile kwakungaphezu kokwanele ukuqeda wonke umsebenzi. Bonke ababeyizingcweti phakathi kwabo, bakha ithabanakeli ngamakhethini alishumi elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, nangokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, nangokubomvu, kwathi ngobugcweti obukhulu bawahlobisa ngamakherubhi. Ubude bekhethini babungamakhubhithi angama-28, ububanzi balo bungamakhubhithi amane; wonke ayelingana. Bawahlanganisa amakhethini amahlanu baxhuma elinye kwelinye; namanye ayisihlanu bawahlanganisa baxhuma elinye kwelinye. Benza izinkintsho ngokuluhlaza okwesibhakabhaka emphethweni engxenyeni engasekugcineni kwamakhethini okuqala, benza kanjalo futhi nasesiqeshini esingasekugcineni kwamakhethini esibili. Benza izinkintsho ezingama-50 ekhithinini lokuqala. Benza nezinye ezingama-50 emphethweni wekhethini elihlanganisiweyo lesibili; amakhethini abhekana. Benza izinkintsho zegolide ezingama-50 bahlanganisa ngazo amakhethini, ngakho-ke ithabanakeli laliyinto eyodwa. Benza amakhethini ngoboya bezimbuzi, aba wuphahla lwethabanakeli; bawenza amakhethini aba li-11. Ubude bekhethini babungamakhubhithi angama-30, ububanzi bawo bungamakhubhithi amane; amakhethini ali-11 ayelingana. Bawahlanganisa amahlanu bawenza isiqephu esisodwa, nayisithupha ngokufanayo. Benza izinkintsho ezingama-50 emphethweni wekhethini elaligcinile ekhethinini lokuqala, benza futhi izinkintsho ezingama-50 emphethweni wekhethini elaligcinile esiqeshini sesibili. Benza izinkintsho zethusi zokuhlanganisa ithende ezingama-50, ukuze libe yinto eyodwa. Benza okokufulela ithende ngezikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu. Benza nokunye kokumboza phezulu ngezikhumba zamahlengethwa.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo