I-Eksodusi 30:34-38

I-Eksodusi 30:34-38 ZUL20

USimakade wathi kuMose: “Thatha amakha anuka kamnandi: inathafi, ishehelethe, ihelibena, namakha empepho ecwengekileyo. Uyokwenza ngakho impepho, ukuxube namakha njengomthaki, ukufake usawoti ukuze kube yinto ecwengekileyo nengcwele. Uyoqotha ingxenye yakho ibe yimpuphu, bese ubeka ingxenye yakho phambi komphongolo wesivumelwano ethendeni lokuhlangana, lapho ngiyohlangana nani khona, iyoba ngcwelengcwele kini. Uma uthaka impepho ngale ndlela, awuyukuyithaka kube ngeyakho; uyoyithatha ngokuthi ingcwele kuSimakade. Yilowo nalowo oyokwenza enjengale ukuba ayisebenzise njengamakha akhe, uyakunqunywa kubantu bakubo.”