I-Eksodusi 21

21
Ukuphathwa Kwezigqila
1“Yilezi izehlulelo ozakuzimisa phambi kwabo: 2uma uthenga isigqila somHebheru, masikusebenzele iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa siyakuhamba singesikhululekileyo, singakhokhi lutho. 3Uma sifike sisodwa, siyakuphuma sisodwa, uma sifike sesiganiwe siyakuhamba nomkaso. 4Uma umniniso esinike umfazi samzalela amadodana noma amadodakazi, owesifazane nabantwana bayoba ngabomnini wesigqila, sona siphume sihambe sodwa. 5Kepha uma isigqila sisho ngokucacile sithi: ‘Ngiyamthanda umnumzane wami, nomkami nabantwana bami, ngakho-ke anginakuhamba njengokhululekileyo,’ 6umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke.
7“Uma indoda ithengisa ngendodakazi yayo ukuba ibe yisigqila, ayinakukhululwa njengoba kukhululwa izigqila zesilisa. 8Uma singamthokozisi umniniso, owasikhetha ukuba sibe ngesakhe, uyakuvuma ukuba sihlengwe; akayukuba nalungelo lokuba asidayisele abantu bezizwe, lokhu engasiphathanga kahle yena. 9Uma ithenga isigqila sesifazane ukuze isinikele endodaneni yaso ngokwesiko iyosiphatha njengendodakazi yayo. 10Uma indoda ithatha omunye umfazi, kufanele umfazi wokuqala iqhubeke nokumnikeza ukudla nezingubo njengakuqala, namalungelo akhe obufazi angaguquki. 11Uma indoda ingasakufezi lokhu okuthathu esigqilini sayo, kufanele isikhulule, futhi ingakhokhelwa lutho ngaso.
Imithetho Eqondene Nobudlova
12“Umuntu oshaya omunye ambulale, naye uyakubulawa. 13Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona. 14Kodwa uma umuntu ehlasela abulale omunye ngobuqili, kufanele naye asuswe e-althare lami abulawe.”
15“Oshaya uyise noma unina kufanele abulawe.
16“Noma ngubani othumba omunye, athengise ngaye noma atholakale kuye, kufanele abulawe.
17“Noma ngubani oqalekisa uyise noma unina kufanele abulawe.
18“Nxa abantu belwa, omunye ashaye umakhelwane wakhe ngetshe noma ngenqindi, angafi, kepha alale embhedeni, 19uma elulama, akwazi ukuzihambela phandle ngenduku, owamshayayo akayukujeziswa, nokho uyomkhokhela ngesikhathi sakhe esichithekileyo, elashwe aze alulame.
20“Uma indoda ishaye isigqila sayo sesilisa noma sesifazane ngenduku saze safa phansi kwesandla sayo, kufanele ijeziswe nokujeziswa, 21kodwa uma leso sigqila siphile izinsukwana ezimbili noma ezintathu ayiyukujeziswa, ngokuba isigqila siyimpahla yayo.
22“Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelwe, aphuphunyelwe yisisu, kodwa yena angalimali ndawo, lowo muntu uyohlawuliswa njengoba indoda yalowo wesifazane inqumile ukuba ahlawule, ngokwesinqumo sabehluleli. 23Uma kuvela ingozi kufanele kwenanwe ukuphila ngokuphila, 24iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo, 25ukushiswa ngokushiswa, umvimbo ngomvimbo, inxeba ngenxeba.
26“Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe sesilisa noma sesifazane, iso alibulale, uyosikhulula ngenxa yeso laso. 27Uma eshaye isigqila sakhe sesilisa noma esesifazane saphuma izinyo, isigqila siyakuhamba singokhululekileyo ngenxa yezinyo laso.”
Imithetho Ephathelene Nempahla
28“Uma inkabi igwaze owesilisa noma owesifazane yambulala, leyo nkabi iyakukhandwa ngamatshe, ife; inyama yayo ayiyukudliwa, umniniyo akayukuba nacala. 29Uma inkabi ijwayele ukugwaza abantu, futhi nomniniyo exwayisiwe ngalokho, kodwa angayibophi, uma-ke ibulala owesilisa noma owesifazane, iyokhandwa ngamatshe, nomniniyo abulawe. 30Kepha uma umniniyo ehlawulisiwe, uyakukhokha leyo nhlawulo emisiweyo ngalowo obulewe. 31Uma inkabi igwaze yabulala umfana noma intombazane le mithetho engenhla yiyona eyolandelwa. 32Uma inkabi igwaze yabulala isigqila sesilisa noma sesifazane, umniniyo uyokhokhela umnini wesigqila amashekeli esiliva angama-30; inkabi ikhandwe ngamatshe.
33“Uma umuntu evula umgodi noma emba umgodi angawembozi bese kukhalakathela kuwo inkabi noma imbongolo, 34umnini womgodi uyokhokhela umnini wesilwane ngemali; yena athathe isilwane esifileyo sibe ngesakhe.
35“Uma inkabi yomunye ibulala inkabi yomunye, bobabili bayoyithengisa inkabi ephilayo bese behlukaniselana ngemali; babuye behlukaniselane ngenyama yenkabi efileyo. 36Kepha uma kwaziwa ukuthi le nkabi inomkhuba wokuhlasela, nomniniyo engayivaleli, kufanele akhokhele umnini wenkabi efileyo ngenkabi ephilayo; yena agcine leyo efileyo kube ngeyakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 21: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume