I-Eksodusi 20:1-15

I-Eksodusi 20:1-15 ZUL20

UNkulunkulu wakhuluma wonke lawa mazwi, wathi: “NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila. Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, sanoma yini olusezulwini phezulu, noma olusemhlabeni phansi, noma olusemanzini phansi komhlaba. Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalelo yami. Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe. Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. Uyosebenza ngezinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade, uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, imfuyo yakho, nomfokazi ogogobele emzini wakho, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele. Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona. Ungabulali. Ungaphingi. Ungebi.