I-Eksodusi 17:8-13

I-Eksodusi 17:8-13 ZUL20

Ama-Amaleki aphuma alwa nabakwa-Israyeli eRefidimi. UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume uyokulwa nama-Amaleki. Mina ngizobe ngimi esiqongweni sentaba, ngiphethe induku kaNkulunkulu esandleni.” UJoshuwa wenza njengalokhu uMose eshilo kuye, walwa nama-Amaleki, ngesikhathi uMose, u-Aroni, noHure bekhuphukela esiqongweni sentaba. Noma nini lapho isandla sikaMose siphakeme, u-Israyeli wayenqoba, kodwa uma esehlisa esiphumuza, kunqobe ama-Amaleki. Kodwa izandla zikaMose zase zikhathele, ngakho-ke bathatha itshe balibeka phansi kwakhe, wahlala kulo. U-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye kuleli cala nomunye kwelinye icala, izandla zama kanjalo ziqinile laze lashona ilanga. UJoshuwa wanqoba u-Ameleki nabantu bakhe ngenkemba.