Inkosi yathi kuye: “Kwenzenjani, ndlovukazi Esteri na? Ukhala ngani? Noma yini oyicelayo, ngisho kungaba yingxenye yombuso, uyoyinikwa.” U-Esteri wathi: “Uma kukuhle enkosini, mayize inkosi noHamani namuhla edilini engiyilungisele lona.” Inkosi yathi: “Phuthumani nibize uHamani ukuze sikwazi ukwenza lokho okucelwe ngu-Esteri.” Inkosi noHamani base beya edilini elalilungiswe ngu-Esteri. Besaphuza iwayini, inkosi yathi ku-Esteri: “Ucelani na? Uzoyenzelwa. Ukhala ngani? Ngisho ingxenye yombuso uyoyinikwa.” U-Esteri wayesephendula wathi: “Nasi isicelo sami nengikunxusayo: uma ngingathola umusa kuwe nkosi, ungenzele engikucelayo nengikunxusayo, makuthi inkosi noHamani beze kusasa edilini engizobe ngibalungisele lona, ngizobe sengenza njengokusho kwenkosi.”
Funda U-Esteri 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Esteri 5:3-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo