U-Esteri watshela uHathakhi umyalezo okwakufanele ukuba awuse kuMoridekhayi, othi: “Zonke izikhulu zenkosi nalezo ezihlala ezifundazweni ziyazi ukuthi noma ngabe ngowesilisa noma ngowesifazane ongena egcekeni lenkosi elingaphakathi engabiziwe yiyo, ubhekana namthetho munye ofanayo wokuba abulawe, ngaphandle uma inkosi imkhombe ngentonga yayo yegolide, lowo angaphila. Kodwa mina ayingibizile inkosi kulezi zinsuku ezingama-30.” Bambikela uMoridekhayi ngokwakushiwo ngu-Esteri. Wayesebuyisela impendulo ngabo, ethi ku-Esteri: “Ungacabangi ukuthi ngoba wena usesigodlweni uzosinda kubo bonke abaJuda. Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.” U-Esteri wawuphendula umlayezo kaMoridekhayi, wathi
Funda U-Esteri 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Esteri 4:10-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo