Kwabase-Efesu 4:25-32

Kwabase-Efesu 4:25-32 ZUL20

Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye. Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo. Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo. Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo. Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa. Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi. Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.