Kwabase-Efesu 2:14-22

Kwabase-Efesu 2:14-22 ZUL20

Yena ungukuthula kwethu, owenza okubili kwaba kunye, wabhidliza udonga olwehlukanisayo olungubutha enyameni yakhe. Waqeda umthetho, imiyalo nezimiso, ukuze adale kuYena labo ababili, bahlangane babe muntu munye omusha, enze ukuthula. Wenza ngesiphambano ukubuyisana kwababili kuNkulunkulu emzimbeni munye, wabuqeda ubutha ngaso. Weza washumayela ivangeli lokuthula kini enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuBaba. Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaphrofethi, uKhristu uJesu uqobo eyitshe legumbi, okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.