UMshumayeli 4:1-16

UMshumayeli 4:1-16 ZUL20

Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza. Ngacabanga ukuthi asebefile bangcono kunalabo abasaphila; kodwa ongcono kakhulu yilowo ongakazalwa, ongakayiboni imisebenzi emibi eyenzeka phansi komthunzi welanga. Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu. Isiwula sisonga izandla zaso, sidle inyama yaso. Singcono isandla esisodwa esigcwele ukuthula, kunezimbili ezigcwele umshikashika, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu. Ngabuye ngabona ize phansi komthunzi welanga: umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi. Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba banomvuzo omuhle ngomshikashika wabo. Ngokuba uma bewa, bayavusana; maye kulowo oyedwa, nxa ewa akanaye ongamvusa! Uma ababili belala ndawonye bayafudumala, uma umuntu eyedwa angafudumala kanjani na? Noma umuntu oyedwa engehlulwa, nxa bebabili bangazivikela. Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula. Ungcono umuntu osemusha oswele kodwa ohlakaniphile, kunenkosi endala eyisiwula, engasemukeli iseluleko. Umuntu angaphuma ejele abuse, ngisho noma ezalwe engompofu embusweni. Ngabona abaphilayo behla benyuka phansi komthunzi welanga, belandela lowo muntu omusha owayezothatha isikhundla sobukhosi; babengenakubalwa laba bantu ayebahola. Kodwa abeza emva kwakhe abayukuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.