UMshumayeli 2:1-11

UMshumayeli 2:1-11 ZUL20

Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Woza ngikuvivinye ngentokozo ukuze ngibone okuhle.” Nalokho futhi kwakuyize. Mayelana nokuhleka, ngathi: “Kungubuwula,” maqondana nentokozo, ngathi: “Inamsebenzi muni na?” Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo. Ngenza imisebenzi emikhulu, ngakha izindlu, ngazitshalela nezivini. Ngazenzela izivande nezindawo zokuphumula, ngatshala kuzo zonke, izinhlobo zezihlahla zezithelo. Ngazakhela amachibi okunisela amahlathi okwakumile kuwo izihlahla. Ngathenga izigqila zesilisa nezesifazane, nalezo ezazizalelwe kwami; nganginemfuyo eningi, imihlambi yezinkomo neyezimvu nezimbuzi, kukuningi ukwedlula okukanoma ngubani owangendulelayo eJerusalema. Ngaziqongelelela isiliva, negolide, nengcebo yamakhosi neyezifundazwe. Ngaqoqa abahlabeleli besilisa nabesifazane, nalokho okuthokozisa amadodana abantu, nezancinza eziningi. Ngakho-ke ngaba mkhulu ukwedlula abangendulelayo eJerusalema; ukuhlakanipha kwami kwahlala kukimi. Noma yikuphi amehlo ami ayekufuna, ngangingawancishi; inhliziyo yami angiyincishanga intokozo, ngokuba yona yathola ukuthokoza kuwo wonke umshikashika wami, lokho kwaba ngumklomelo wami wawo wonke umshikashika wami. Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.