UMshumayeli 12

12
1 Khumbula uMdali wakho
ezinsukwini zobusha bakho,
zingakafiki izinsuku ezimbi,
neminyaka ingakasondeli
oyothi ngayo:
“Angithokozi.”
2 Mkhumbule Yena
ilanga nokukhanya,
nenyanga nezinkanyezi
kungakafiphali,
lingakahlomi futhi
emuva kwemvula.
3 Ngosuku lapho
abalindi bendlu beyothuthumela,
namadoda anamandla athothobale,
nabasilayo beyoyeka ukugaya,
ngoba sebeyingcosana,
nabalunguza ngamafasitela
bangabe besalunguza,
4 lapho neminyango
ephumela emgwaqweni iyovalwa,
nomsindo wesigayo
ushayele phansi,
abantu bavuswe ngukutshiloza kwezinyoni,
nokuhlabelela kwamadodakazi
sekuzwakalela phansi,
5 nalapho abantu
besaba okuphakemeyo,
isihlahla somAlimondi
siyoqhakaza,
intethe itotobe,
izihlahla zekaphari zingatheli,
ngokuba umuntu
useya ekhaya lakhe laphakade,
abalilayo bayazulazula
emigwaqweni,
6 ngaphambi kokuba
intambo yesiliva igqabuke,
kuphahlazeke nesitsha segolide,
nokhamba lufele emthonjeni,
nesondo lifele
emgodini wamanzi,
7 uthuli lubuyele emhlabathini,
njengoba lwalunjalo,
umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu
owawuvele kuye.
8 “Yize leze,
konke kuyize,”
kusho uMshumayeli.
Isiphetho Sendaba
9 Ngaphezu kokuhlakanipha, uMshumayeli wayebuye afundise abantu ukwazi, walinganisa, wacwaninga, wahlela izaga eziningi. 10 UMshumayeli wayefunisisa amazwi athokozisayo, ngobuqotho abhale amazwi aliqiniso.
11 Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye. 12 Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba.
13 Nasi isiphetho sendaba,
lapho konke sekuzwakele:
mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalelo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
14 Ngokuba uNkulunkulu
uyoyisa yonke
imisebenzi ekwahluleleni,
nazo zonke izimfihlo,
noma ngabe zinhle noma zimbi.

Okuqokiwe okwamanje:

UMshumayeli 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume