UMshumayeli 12:9-14

UMshumayeli 12:9-14 ZUL20

Ngaphezu kokuhlakanipha, uMshumayeli wayebuye afundise abantu ukwazi, walinganisa, wacwaninga, wahlela izaga eziningi. UMshumayeli wayefunisisa amazwi athokozisayo, ngobuqotho abhale amazwi aliqiniso. Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye. Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba. Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke. Ngokuba uNkulunkulu uyoyisa yonke imisebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izimfihlo, noma ngabe zinhle noma zimbi.